Izibhedlela zishoda ngabasebenzi eGauteng

2012-09-17 07:51

Johannesburg - UMnyango wezeMpilo eGauteng ukuqinisekisile ukuthi izibhedlela zisilele ngemuva ekuhlinzweni kweziguli ngenxa yokuntuleka kwemali nokushoda kwabasebenzi.

Okhulumela uMnyango uSimon Zwane uthe bayazama ukulungisa le nkinga.

“Sesike sakhuluma noMnyango woMgcinimafa esifundazweni ngenhloso yokuthola izinsiza ezithe xaxa ukuze kuliwe nalesi sihlava sokushoda kwabasebenzi nokuntuleka kwezinsiza," esho.

Lokhu kulandela izinsolo zeDemocratic Alliance zokuthi iziguli ezidinga ukuhlinzwa kuyenzeka kumele zilinde iminyaka eyishumi eSteve Biko Academic Hospital, ePitoli.

Okhulumela ezempilo kuDA uJack Bloom uthe bangu-1 629 abantu abalinde ukuhlinzwa kulesi sibhedlela.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...