Izelamani zidla izilwane ezifile
2012-07-20 10:02
Phetolo Motloutsi, Daily Sun
Johannesburg - Bavuka ekuseni bahambe bethungatha izinja, amakati, izinyoka nanoma yini efile kuze bezokuthatha kube yikona kudla kwabo kosuku, kubika iDaily Sun.
UJoseph Shandukani nomfowabo uPeter, bahlala endaweni ekuthiwa kuseThemba eTshwane.
Lezi zelamani zaqala ukuphila le mpilo kusukela ngonyaka ka-1994, ngesikhathi uPeter ephelelwa ngumsebenzi.
Umakhelwane utshele iphephandaba wathi laba bazingela izilwane ezifile bese bezihlinza zibe ngukudla kwabo.
“Uma bebuya nesilwane, basilengisa esihlahleni basihlinze benze umqwayiba noma isishebo. Bathatha isikhumba basibeke phezu kophahla," kusho umakhelwane.
Umakhelwane uthe lezi zelamani aziphilile kahle ekhanda.
“Sesiphile le mpilo iminyaka engu-18,” kusho uPeter.
NgeMandela Day, ikhansela laku-ward 74 uJabu Sibaya uthe uzozamela laba umsebenzi.
- Thola ezinye izindaba zeDaily Sun
kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun
kuFacebook
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Daily Sun