Izelamani zabulawa ngabangani bazo

2013-01-31 08:30

Johannesburg - Amadoda amabili aboshwa mayelana nokubulala izelamani ezimbili eNorthcliff, eGoli, ayengabangani bazo, kusho umbiko ngoLwesine.

Lokhu kushiwo umsizi wasendlni owayesebenzela izelamani uGary Smith noKaren Buchanan, kubika iphephandaba iThe Star.

USmith noBuchanan babulawa kubo ngoMashi 2008. Babeboshwe izandla nezinyawo, babhandwa nge-duct tape imilomo bacibwa ngemicibisholo base beyadutshulwa.

"Ngesikhathi ngitshelwa amagama abasolwa ngithuke kwaphela nasozwaneni," kusho lo msizi ongathandanga ukudalulwa igama lakhe.

"Babengabangani babafi kanti babejwayele ukuvakasha isikhathi esiningi."

Uthi abasolwa bafika ngakusa bezokhala bezozwakalisa nokudabuka kwabo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-34°C Sunny. Extremely hot.
Jhb: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-35°C High level clouds. Extremely hot.
Dbn: 20-27°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 17-24°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...