Izalukazi zincoma uketshezi lwamakhondomu

2014-01-06 09:09

Mbombela - UNgqongqoshe wezeNhlalakahle eMpumanga uCandith Mashego-Dlamini usecele izalukazi ukuba ziyeke ukuthatha amakhondomu ezikhungweni zikahulumeni.

"Ngizwile ukuthi azipheli izalukazi emitholampilo yomphakathi ukuzothatha amakhondomu ngoba zikholelwa ekutheni uketshezi olutholakala kuwona lwelapha isifo samadolo," esho.

UMashego-Dlamini wayekhuluma emcimbini we-Outreach Towards 20 Years of Freedom, eLundanda Primary School, eMahushu, ngoDisemba.

"Sekudingeke ukuthi sihambise amakhondomu ukuba ayohlolwa ukuthi ayawelapha yini amadolo. Uma kungukuthi ayasebenza sizobe sesinifakela uketshezi lodwa ezitsheni ezincane bese senza isimemezelo," esho.

Isibe miningi imibiko yogogo abasebenzisa lolu ketshezi abathi lusishaya lusibeke le isifo samadolo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- African Eye

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...