Iyehluleka i-ANC mekuchitshiyelwa - Ucwaningo
2013-02-05 14:02
Johannesburg - Ukuhlulwa kwe-African National Congress okhethweni lokuchibiyela, yehlulwa abantu abazimele noma ngamaqembu aphikisayo, kuwuphawu lokuthi abantu basebenzisa intando yeningi ukudala uguquko.
Kusho kanjena abeSA Institute of Race Relations, ngoLwesibili.
Besebenzisa izibalo zabakwa-Independent Electoral Commission
(IEC), isikhungo sithi i-ANC ilahlekelwe ngabavoti abaningi emawadini ayisithupha, kwathi iNational Freedom Party (NFP) yalahlekelwa yi-ward yaba yinye.
"IDemocratic Alliance izuze abavoti emawadini amathathu kwathi iCongress of the People (Cope) yazuza iwadi yaba yinye. I-DA ikwaze ukuhlwitha i-ANC ama-ward amahlanu kwathi i-ANC yathatha amabili kuphela e-DA."
Umcwaningi esikhungweni uGeorgina
Alexander, uthi isikhungo besibala ukulahlekelwa nokuzuzwa kwabavoti.
Phakathi kukaMayi, 2011 kuya kuNovemba ka-2012, kubanjwe ukhetho lokuchibiyela ezindaweni ezingu-122, emawadini angu-4277.
Abantu abakade bezimele bengahambisani namaqembu bakwaze ukuthi banqobe ukhetho emawadini amabili, kusukela kwabanjwa ukhetho lwango-2011.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA