Iyaqhubeka nokutheleka eyenduduzo ngoGerwel

2012-11-28 12:04

Johannesburg - Ilokhu iqhubeke njalo nokungena imiyalezo yenduduzo emndenini kaSolwazi Jakes Gerwel, kulandela ukudlula kwakhe emhlabeni eneminyaka engu-66 ubudala ngoLwesithathu ekuseni.

"Udlale indima ebalulekile ekwakheni umlando wezwe ngokusebenzisana kwakhe neBlack Consciousness Movement, neyayiholwa nguSteve Biko," kusho lowo oyibamba lesikhulu ngaphansi kweGovernment Communication and Information System, uVusi Mona.

"USolwazi Gerwel uzokhumbuleka kakhulu kuhulumeni, kwezemfundo kanjalo nasezweni lonkana," esho.

UGerwel, 66, ushonele eKuils River Hospital, eWestern Cape, ngoLwesithathu ekuseni.

INelson Mandela Centre of Memory, uGerwel abenguSihlalo wayo, idlulise amazwi enduduzo.

"Sizomkhumbula kakhulu ngenxa yokuthi uNelson Mandela wasebenza naye isikhathi eside," kusho lesi sikhungo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...