Iyaqhubeka inkinga yamanzi eDiepsloot

2012-04-19 14:06

Johannesburg - Akukazeki namanje ukuthi izolungiswa nini inkinga yamanzi ebhekene nezakhamuzi zaselokishini laseDiepsloot, kusho uMnyango wezaManzi kuMasipala waseGoli.

"Angeke ngasho ukuthi izinto zizobuyela nini esimweni esijwayelekile," kusho okhulumela uMnyango uMillicent Kabwe.

"Amanzi okuphuza aseyatholakala ezingxenyeni ezithize entshonalanga neDiepsloot, futhi aphephe ngokuphelele, kodwa kweziye namanje awekho," echaza.

"Ezindaweni la amanzi angekho khona siyaqhubeka nokuhambisa amaloli amanzi."

Abahlali baseDiepsloot, batshelwa ukuthi bangaphuzi amanzi aphuma empompini kulandela ukuvela ukuthi awahlanzekile ngokwanele.

Le nkinga isiqhubeke isikhathi esingaphezu kweviki.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-27°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 16-25°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Afternoon clouds. Cool. PE: 16-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...