UMzwakhe Mbuli kwabakhulekela uMandela

2013-07-01 16:10

Johannesburg - Imikhuleko nemilayezo kusalokhu kutheleke njalo esibhedlela ekulaliswe kuso loyo owaba nguMengameli wokuqala wentando yeningi uNelson Mandela, owelashelwa esibhedlela iMedi-Clinic Heart Hospital.

Umculi uMzwake Mbuli ube ngomunye wabahambele esibhedlela, eyofisela uMandela ukulama okusheshayo.

"UTata yindoda eyahlala ejele iminyaka engu-27, wangagcina lapho kodwa wakwazi ukuzibandakanya nabacindezeli," echaza.

UMbuli uthi wabhala amaculo amaningi ewabhalela uMadiba ngesikhathi eboshiwe, waphinda wabhala amanye esededeliwe ngo-1990.

"Saba nokhalo esaluhamba noTata. Ngabhala amaculo nginxusa kuphele udlame KwaZulu-Natal, omnyama ebulala omnyama."

UMandela wanxusa abantu ukuthi bathathe izikhali bazilahle olwandle," kuqhuba uMbuli.

UMbuli owaboshwa ngonyaka ka-2002, wavakashelwa nguMadiba ejele, emphathele izimbali nezithelo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...