Iyaqhubeka imibhikisho yama-etolls

2012-11-30 12:03

Johannesburg - Abantu abangebangakanani bahlangane ekhoneni elabe liyirenki yamatekisi belungiselela ukuba yingxenye yombhikisho oya ePitoli wokulwa ne-etolling.

Ngezithuba zawo-09:30 abantu bebebonakala betatazela emgwaqeni, ekhoneni likaSophie de Bruyn noJohannes Ramokhoase, kubonakale namaphoyisa abeqaphe isimo.

UNobhala wePolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) u-Aggrey Mathe uthe: "Indaba inale e-tolling. Asiyifuni, sizofakela uhulumeni ingcindezi."

Omunye wababhikishi uMarchand Conradie, uthe abantu abaphila ezweni eliqhuba ngentando yeningi kumele babe nelungelo lokuzikhethela.

"Kumele sibe nelungelo lokuphikisa ezinye izinto."

Abantu bebephethe izingwebhe eziphikisa ukuphasiswa kwama-etolls, ezinye bezifundeka kanje: "Cha ekukhokheleni imigwaqo", ezinye zithi "Akuyekwe i-etolling kubhekwe ezinye izindlela ezizokwenza ngcono izithuthi zomphakathi."


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ngeke belashwe abafika ne-Ebola kuleli

Emizuzwini eyi-46 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Morning clouds. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...