Iyaqhubeka iKhomishana kaFarlam

2013-01-22 14:07

Johannesburg - Kuqubuke imibuzo ngalokho okwabe kuhlelwa ngamaphoyisa, ngaphambi kokuthi kudutshulwe kubulawe abavukuzi abangu-34, ababetelekile emayini iLonmin yaseMariakana, eNorth West.

Ummeli wakwaHuman Rights Commission uNokukhanya Jele, ubepheka ngemibuzo uBrigadier Zephania Mkhwanazi ngesikhathi kuqhubeka iKhomishana kaFarlam, ehleli eRustenburg, nezama ukuthola kabanzi ngokwenzeka ngesikhathi kudutshulwa abavukuzi.

Le nhlekelele yenzeka mhlaka-16 Agasti ngonyaka ofile.

UJele ubuze ngokungamenywa kwamanye amaphoyisa ukuthi azokwelekelela njengoba babe bengu-3 000 ababhikishi, amaphoyisa wona engu-170 kuphela.

UMkhwanazi uziphendulele wathi wabe engasiyo ingxenye yabantu ababehlela ngalokhu okwabe kuqhubeka eMarikana, wathi ukungamenywa kwamanye amaphoyisa kwaphazanyiswa wukuthi kwakukhona eminye imibhikisho ayebe iqhubeka ezweni.






 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 14-27°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 16-19°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...