Iyaqhubeka iKhomishana kaFarlam

2012-11-14 14:01

Rustenburg - Amaphoyisa abopha izindla zabavukuzi ababelimele ngesikhathi kuba nesehlakalo sokudutshulwa kwabo eMarikana, eNorth West, kwagcina kushona abangu-34 kulimala nabanye abaningi.

Lesi sehlakalao senzeka mhlaka-16 Agasti, amaphoyisa adubula abavukuzi basemayin iLonmin ababesesitelekeni, uLieutenant Colonel Duncan Scott, usho lokhu etshela iKhomishana kaFarlam, ezama ukuthola iqiniso ngokwenzeka ngesikhathi kudutshulwa abavukuzi.

Amaphoyisa abopha ngozankosi abavukuzi ababelimele, ababelele eduze nezikhali eziyingozi, lokhu kwakwenzelwa ukuphephisa abasebenzi bezempilo.

UScott wethule lobu bufakazi, eveza nezithombe zabavukuzi ababehlome ngezibhamu, izizenze kanye nemimese, uphinde waveza nomfanekiso okhombisa abavukuzi bezi"qinisa", okuthiwa kwenzeka ezinsukwini ezimbili ngaphambi kwesibhicongo sokudutshulwa kwabo.

I-video iveze othize echela abavukuzi ngentelezi, kukhona nogidayo eceleni, bayizinkulungwane abavukuzi ababonakala kule-video eyethulwe ngaphambi kwekhomishana.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kungene "umkhumbí' kwathula inkundla

Emizuzwini eyi-58 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...