Iyaphoxa eyaseLenasia - Inhlangano

2012-11-12 12:02

Johannesburg - Abenhlangano i-Ecological Movement of SA sebezwakalise ukuphoxeka ngesenzo sokubhidlizwa kwemizi yabantu, ekuthiwa bayakha ngokungekho emthethweni eLenasia.

"Uhulumeni angasho kanjani ukuthi uthumela umlayezo oqinile kubantu uma ebabhidlizela amakhaya abo? Into ekumele engabe uyayenza wukuqinisekisa ukuthi abantu abavele sebakhile bayayikhokhela indawo, ngendlela," kusho umkhulumeli wenhlangano uTeboho Mashota.

Ngesonto eledlule, uMnyango wezeZindlu nezoHulumeni baseKhaya babhidliza izindlu ezingu-52, iNhloko yoMnyango uMongezi Myani, uthi kunezinye izindlu ezingu-113, ezizobhidlizwa, khona eLenasia, eningizimu neGoli.

"Abantu benze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi baba namakhaya, nokuyilungelo labo elibhalwe kuMthethosisekelo," kusho uMashota.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C Sunny. Mild. Pta: 10-26°C Rain late. Partly cloudy. Warm.
Jhb: 7-20°C Numerous showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 1-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...