Iyaphazamisa inkohlakalo - Madonsela
2012-08-27 14:02
Johannesburg - Ukungasetshenziswa ngendlela kwezimali ngenye yezinto ezikhubaza kakhulu ukuhanjiswa kwezinsiza kubantu, kusho uMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela ngoMsombuluko.
"Ukube ayikho inkohlakalo ngabe kuningi abantu abakuzuzayo kuhulumeni njengezwe," kusho uMadonsela.
"Uma nje ingaphela inkohlakalo, kunganqandwa ubuphofu, ukungalingani kwamazinga abantu, ukungabi khona kwemisebenzi kwenziwe ngcono izimpilo zabantu."
Umvikeli womphakathi usho kanjena ekhuluma eGoli ngesikhathi kuboniswanwa ngokuhanjiswa kwentuthuko.
Uhambela lo mhlangano nje ihhovisi lakhe limatasa lihambela abantu ukuzwa izikhalo zabo ngezindlu zomxhaso.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA