Iyadida eyabafelokazi baseMarikana
2012-11-05 14:46
Rustenburg - Abafelokazi ngenxa yesigameko saseMarikana basesimweni esinzima njengoba umthetho uvumela ukuba kube yilungu elilodwa elizomela umndeni ngamunye njengoba kuphenywa, kulalele ikhomishana yophenyo ngoMsombuluko.
UNicole Lewis, nomele imindeni, ngasekuqaleni wathi kuzokwamukelwa amalungu amabili umndeni ngamunye azoya eRustenburg, eNorth West ukuyothamela lolu phenyo.
"Lokhu kuchaza ukuthi abafelokazi kumele bakhethe phakathi kosiko nokuzothamela le khomishana."
Usiko lwabaningi kulaba bafelokazi luthi akumele bahambe bodwa njengoba besazilile nje.
Kwabulawa abavukuzi abangu-34 kwathi abangu-78 balimala ngesikhathi kusuka isidumo phakathi kwamaphoyisa nabavukuzi eLonmin ngo-Agasti 16.
Ikhomishana, eholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi u-Ian Farlam, yilo eliphenya ngalesi sibhicongo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA