Iyabhubhisa imvula eKZN

2012-12-11 10:31
Yabelani Shicilela

Durban - Izingane ezintathu zishonile ngesikhathi kuwa imikhukhu iwela kuzo, njengoba uqhubeka izimvula ezinamandla eThekwini, kusho amaphoyisa kaMasipala waseThekwini ngoLwesibili.

Okhulumela amaphoyisa u-Eugene Msomi uthi inhlekelele lena yenzeke emikhukhiwni yaseBayview, eChatsworth naseClairmont, ngoMsombuluko ebusuku.

Izingane ezimbili zishone eBayview, eyodwa eClairmont.

Kwesinye isehlakalo izingane eziyisithupha nomuntu omdala oyedwa, badukile ngemuva kokuvaleleka eMzinto River, ngaseThekwini, kusho iNational Sea Rescue Institute (NSRI) ngoLwesibili.

NgoMsombuluko ebusuku, ithimba laseThekwini leNSRI licelwe ukuba lisize ngemuva kwezimvula ezinamandla kule ndawo ezigcwalise imifula, kusho isikhulumi uCraig Lambinon esitatimendeni.

"Ngenxa yezikhulula ezigcwalise umfula laba abayisikhombisa abatholakalanga…”

Uthe amaphoyisa nethimba labatakuli liqhubekile nokuthungatha laba ngoLwesibili ekuseni, abanye abantu abathathu batakulwe eFafa Club Marina Resort, eningizimi noMzinto.

Amaphoyisa aphinde ahlenga abanye abantu abathathu endaweni yaKwaMashu, eThekwini, kusho uLambinon.




 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





 

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-20°C Sunny. Mild. Bloem: 9-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 15-22°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...