Ivelile indoda ngengozi eyabulala

2013-02-21 10:02

Cape Town - Owesilisa waseWestern Cape usevele okokuqala enkantolo ngokufa komfana waseMilnerton High School, kusho umbiko ngoLwesibili.

ICape Argus ibike ukuthi uSchalk Lubbe, 24, uvele eNkantolo yeMantshi eHermanus Magistrate ngoLwesithathu ngecala lokushona kukaJake Wootton oneminyaka engu-18 ubudala.

UWootton washayiswa yimoto ngesikhathi yena nabangani bakhe behamba kuDirkie Uys Street eHermanus ngezithuba zabo-23:40 ngo-Ephreli odlule.

Wathola ukulimala kabi washona ngemuva kwezisuku ezintathu.

Umshushisi uHarold Engelbrecht utshele inkantolo ukuthi uLubbe uthweswe icala lokushayela ephuzile nelokubulala ngokungenhloso ngokushayela budedengu ebusuku.

Ucele ukuba icala lihlehliswe izinyanga ezintathu.

IMantshi uPreggy Govender kubikwa ukuthi ubuze ukuthi kungani uMbuso unqume ukushushisa uLubbe, sekuphele isikhathi esiyela onyakeni kwenzeka ingozi, uma usazodinga isikhathi futhi sokwenza uphenyo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 13-22°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...