Ithwasa lithi umqashi wathi liyanuka

2014-02-10 12:02

Johannesburg - UHlengiwe Khoza, oyithwasa, uwotha ubomvu ngomqashi wakhe athi wabukisa ngaye phambi kozakwabo namakhasimende, wamtshele ukuthi uyanuka.

UKhoza, 29, waKwaMaphumulo, ubesebenza esitolo sakwaSpar, eBluff, eThekwini, kusho abezindaba zeDaily Sun.

“Ngaqala ukusebenza ngo-2010, ngemuva kweminyaka emibili ngangenwa yidlozi. Ngesikhathi ngithwasa, kwakumele ngigqoke ubuhlalo nesiphandla kanye nezinto zobungoma,” kuchaza uKhoza.

“Umphathi wami u-Ian Wedderburn, waqala waba nenkinga ngomshuqulo engangiwuthwala ngagcina ngiwufihla ngemibala yakwaSpar. Wathi kumele ngisuse “lo doti osekhanda”, futhi kumele ngibone ukuthi ngenza njani ngoba ngiyanuka.”

Lona wesifazane uthi wayenuka impepho ayeyishisa njalo ekuseni ngaphambi kokuthi aye emsebenzini.

UThemba Ngcamu, ekuthwasa kuye uKhoza, uthi ukwenza kukaWedderburn kucasule izinyanya.

“Kuzomele lo mqashi enze umsebenzi wokuxolisa, ngamtshela ukuthi uthukuthelise abaphansi kuzomee acele uxolo.”

Umqashi uyaphika ukuthi waxosha uKhoza, uthi into ayenza kwaba wukumgodukisa.



 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Haze. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...