Itholakele ingane ebithunjwe nguyise

2012-12-06 12:03

Pretoria – Isitholakele ingane yentombazane eneminyaka eyisikhombisa ubudala ebithunjiwe, itholakale ingenamyocu kulandela ukuba umnikazi wendawo yezivakashi eMpumalanga ebone isithombe sayo ezindabeni.

Ubaba kaPura Pahlo ongamzali, u-Evan Andreou, ukuqinisekisile kwabe-News24 ukuthi utholakale eLydenburg ekuseni ngoLwesine futhi uphephile.

Wathunjwa engaphandle kwasesikoleni eWaterkloof Primary ngoLwesithathu ekuseni, esenzweni okusolakala ukuthi senziwe ubaba wakhe omzalayo.

"Ubaba wakhe nowesifazane obemsiza babhukhe kule ndawo yezivakashi njengomndeni. Umnikazi wale ndawo uthe ubelokhu eyifanisa le ngane, wabe eseyobheka ku-internet, ngicabanga ukuthi bekuyi-News24, wase esibona isithombe sayo.

"Indodadana yakhe ingifonele ngezithuba zabo-03:30 namhlanje ekuseni yathi isola ukuthi iyona le ngane, ngibe sengibathumelela ezinye izithombe zakhe uPura, base beba nesiqiniseko. Sibe sesithinta amaphoyisa aseBrooklyn, wona athinte awaseLydenburg abe esenikela khona.”

U-Andreou uthe ubaba wangempela kaPura uzamile ukubaleka kodwa bagcina ngokuboshwa benalowo wesifazane.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-21°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-20°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...