Itholakale eGoli imoto eyebiwe eKZN

2012-11-26 10:00
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Zimkhalele owesilisa otholakale nemoto eyebiwe eRandburg ngeSonto, ngemuva kokuthi ibikwe ukuba yebiwe KwaZulu-Natal, kusho amaphoyisa kaMasipala waseGoli.

UChief Superintendent Wayne Minnaar uthe amaphoyisa abenza umzungezo owejwayelekile ngesikhathi ebona le moto yohlobo lweMini Cooper eluhlaza satshani kuRepublic Road.

Le moto yabikwa njengeyebiwe eBallito Bay, KwaZulu-Natal, ngoJanuwari nonyaka.

“Umshayeli wayo uneminyaka ecela ko-30 kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg kungekudala,” kuqhuba uMinnaar.

Uzobhekana necala lokutholakala nempahla eyebiwe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 11-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Showers late. Morning clouds. Mild. PE: 11-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...