Ithi ifuna iqiniso i-AMCU
2012-10-02 16:41
Johannesburg - IKhomishana kaFarlam ephenya ngalokho okwenzeka emayini iLonmin eseMarikana kuze kushona inqwaba yabantu, kumele iqinisekise ukuthi ibeka obala wonke amaqiniso, kusho inyunyana i-Association of
Mineworkers and Construction Union.
"Sifuna ukwazi ukuthi kwenzekani," kusho uMengameli we-Amcu uJoseph
Mathunjwa, ekhuluma ngesikhathi ikhomishana iyohlola indawo yesigameko ngasemikhukhwini iNkaneng.
UMathunjwa uphikile ukuthi kunokungazwani okhukhona phakathi kwabenyunyana i-Amcu neNational Union of Mineworkers.
"Selokhu saqala ukusebenza eLonmin ngonyaka ka-2010, besibamba imihlangano ndawonye, akaze kube khona ukungaboni ngasolinye. Abantu bathi akuzwanwa ngoba nakhu sekushone abantu. Akaze nakanye sibe yizitha," echaza.
I-Amcu ithole ukugxekwa kuthiwa yiyo eyabhebhezela isiteleka saseLonmin.
Ikhomishana iholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi uJaji Ian Farlam.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).