Isoka nentombi kwelokubulala eLimpopo

2013-01-29 08:17

Mankweng - Uvelile ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMankweng owesilisa osolwa ngokudlwengula abulale intombazane, 16, eGa-Mothapo, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

UConstable Moses Molepo uthe icala likamsolwa, 23, lihlehliselwe uFebhuwari 11, nalapho ezofaka khona isicelo sebheyili.

Amaphoyisa aphinde abopha intombi yakhe, 17, ngoba ekholwa ukuthi yaba nesandla kulokhu kubulala, yona izovela enkantolo ngoLwesibili.

Indoda yaboshwa ngoMgqibelo ngokubulala uDikeledi Mehlape ngoDisemba 27 nyakenye.

Isidumbu sikaMehlape esibolile satholakala entabeni eGa Thoka.

Wadlwengulwa ngaphambi kokuthi agwazwe abulawe.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-22°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Jhb: 3-16°C More sun than clouds. Cool. Bloem: 0-12°C High level clouds. Cool.
Dbn: 10-13°C Rain showers. Mostly cloudy. Quite cool. PE: 10-14°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...