Isoka ligajwe wumona labulala intombi
2012-11-20 10:00
Gabisile Ngcobo, The Witness
Durban - Ubekhala engakwazi nokukhuluma uNondalo Mvelase, 18, waseMpophomeni ngesikhathi ethola ukuthi isoka likamama wakhe limgwaze lambulala ngesikhathi kusuka ingxabano.
UNondalo ubhala iphepha lokugcina lokuhlolwa kuka-matric ngoLwesithathu.
“Angikholwa ukuthi ushonile. Kubuhlungu kakhulu angazi ukuthi kungani bekumele aze ambulale."
UNondalo ubehleli ezungezwe yizihlobo, nezincwadi zakhe ze-Economics ezama ukutadisha esemakhandleleni.
Umama wakhe uBongiwe Nyawuza, 32, kuthiwa ube nengxabano nesoka lakhe esiteshini sesitimela eNottingham Road.
Isoka libe selimgwaza engalweni nasesifubeni ngabo-06:00, ngokusho kwamaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa eHowick Cluster uCaptain Lolly Moodley uthe uBongiwe ugwaziwe kodwa wakwazi ukumisa imoto yamaphoyisa ebidlula, nokho washona ngaphambi kokufika kwabezimo eziphuthumayo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness