Isoka libulale ingane yentombi

2013-01-28 12:04

Johannesburg - Umfanyana oneminyaka emibili ubudala utholakale eshaywe waze washona nokusolwa ubaba wakhe ongamzali eJouberton ngaseKlerksdorp, kusho amaphoyisa aseNorth West.

UWarrant Officer Sam Tselanyane uthe isidumbu sengane sitholakale ethoyilethe sifakwe ebhakedeni ngoMgqibelo.

“Lesi sidumbu besinezingozi umzimba wonke."

Uthe umama wale ngane nesoka lakhe, 25, babe nokuhilizisana endaweni yokucima ukoma ngoLwesihlanu ebusuku.

Babe sebehamba kule ndawo, owesifazane waya kamakhelwane.

Owesilisa ube esebuya wamshaya futhi owesifazane waze wabalekela kagogo wakhe.

“Sonke lesi sikhathi ingane ibinesoka, nokuthe uma ebuzwa ingane wathi isebhakedeni ethoyilethe."

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseKlerksdorp ngoMsombuluko.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...