Isizokhokhelwa imigqomo kadoti - Pikitup
2012-12-31 14:29
Johannesburg - Izakhamizi zaseGoli kuzodingeka zikhokhe imali elinganiselwa ku-R385 uma zifuna ukuthola imigqomo emisha yokufaka udoti, kusho abakwaPikitup, ngoMsombuluko.
Amanani amasha azoqala ukusebenza mhla lulunye kuFebhuwari, abantu abafelwe yimigqomo nabantshontshelwe kuzomele bakhokhe uma befuna imigqomo emisha, kusho okhulumela abakwaPikitup uPansy Oyedele.
Phambilini abaninimuzi bebethola imigqomo mahhala, kuthi noma ilahlekile noma ifile, banikwe emisha mahhala ngaphandle kokukhokha indibilishi.
Onyakeni wezimali u-2011/12, abakwaPikitup bahambise imigqomo emisha engu-8500, kwadleka imali elinganiselwa ku-R3 million.
"Awumuhle lo mkhuba, imali ingasetshenziswa ekuhanjisweni kwezinsiza zabantu.”
U-Oyedele uthi abantu sebesebenzisa imigqomo beyisebenzisela ezinye izinto, hhayi ukufaka udoti
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).