Isivakashi sibulawe yisitimela ePark Rynie

2011-08-09 09:01

Durban - Owesilisa waseGauteng ubulawe yisitimela esithutha izimpahla ePark Rynie. Lesi sitimela besihambisa usamende ePort Shepstone sisuka eThekwini ngesikhathi sigaya uDeon Gerald Mocke, 47, ngase-Oceanic Grove, kubika iphephandaba iThe Witness.

“Kusolakala ukuthi lo mlisa ubehleli kujantshi ngesikhathi ebonwa umshayeli wesitimela, wazama ukubhuleka kodwa isitimela size sama sesimgayile," kusho okhulumela amaphoyisa uKaputeni Vincent Pandarum.

 Lo mlisa ulimale kabi wahanjiswa emakhazeni kahulumeni aseScottburgh.

“Sikwazile ukuthola udadewabo kamufi, nohlala ePinetown nonkosikazi wakhe oseGauteng ukuze sibazise ngale nhlekelele."


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...