Isiteleka siphazamise ukuholelwa kwabesibonelelo

2012-12-04 10:04

Johannesburg - Kuphazamisekile ukuholelwa kwabantu abathola isibonekelo sikahulumeni e-Eastern Cape, ngesikhathi onogada benkampani iFidelity, bengena esitelekeni esingagunyaziwe, kusho umbiko ngoLwesibili.

AbakwaFidelity basebenza ukuthutha imali, ngoMsombuluko abasebenzi babeke phansi amathuluzi bangena esitelekeni sokwenyuselwa amaholo.

Lesi siteleka siphazamise ukuholelwa kwabantu e-East London naseQueenstown.

Ngokombiko weDispatch Online, bathi abantu baze baholelwa ngemuva kokufika kwemali, ilethwa ngabanye abantu abaqashwe yinkampani.

Abasebenzi batshele abezindaba bathi bangene esitelekeni ngoba ziyagqoza izingxoxo zokwenyuselwa amaholo eziphakathi komqashi nabakwaCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration.

Isikhulu kwaFidelity Security Group uWahl Bartman ukuqinisekisile ukuteleka kwabasebenzi wathi inkampani ithole abantu abayitoho abazoqhuba umsebenzi okwesikhashana.

UBartman uthe isiteleka asikho emthethweni.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Cool. Pta: 14-26°C Tstorms late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-30°C Haze. Warm. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...