Isisebenzi sigaywe wu-crane sashona

2013-02-20 10:06

Johannesburg - Isisebenzi esineminyaka engu-22 ubudala, sishonile ngemuva kokuthi sicindezelwe umshini (crane), sisemsebenzini enkampanini kashukela eDalton.

UMark Napier oyimenenja enkampanini i-UCL, la kwenzeke khona ingozi, uthi akukazeki kahle ukuthi ingozi yenzeke kanjani.

“Okwamanje akukho okuphathekayo esinakho, sizwa amahemuhemu nje kwaphela. Uma imininingwane isihlangene sizokwazi ukuphawula."

UNaiper uthi ingozi lena ibe yibhajana, wathi inkampani ibhala phansi izitatimende zabantu ababonile kwenzeka ingozi.

“Sibuhlungu ngalokhu okwenzekile, sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini olahlekelwe,” kusho uNapier.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane ukuqinisekisile ukwenzeka kwale ngozi, wathi yenzeke ngezithuba zawo-09:00 ekuseni, uthi amaphoyisa ayaphenya.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-20°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...