Isiphepho sishiye kukhalwa eKZN
2012-01-03 08:31
Johannesburg -Kuqinisekiswe abantu abahlanu ukuba bashonile kulandela isiphepho esinamandla esihlasele maphakathi neKwaZulu-Natal, eMsinga naseMvoti ngosuku olwandulela uNcibijane, kubika iSABC ngoMsombuluko.
Abanye abantu abane basadukile kanti abangu-22 bathola ukwelashwa esibhedlela.
UNdunankulu waseKZN uZweli Mkhize, ngesikhathi ehambele imindeni ethintekile, uthe ukhathazekile ngezidumbu ezitholakalayo kodwa okungezona lezo ezichazwa ngabalahlekelwe.
“Lokho kuchaza ukuthi baningi abantu abashonile kunalabo abahlawumbiselwayo," esho.
Omunye wabayisihlanu abashonile ushaywe wumphezulu.
Kucekeleke phansi eminye imizi nengqalasizinda.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA