Isiphepho sicekele phansi izindlu eKZN

2012-12-10 10:04

Durban - Zibalelwa ku-450 izindlu ezicekeleke phansi njengoba bekunesiphepho eMnambithi, enyakatho neKwaZulu-Natal, kanti kuthiwa isimo sezulu esingesihle sisazoqhubeka, kubika izindaba zeSABC.

Okhulumela eziphathelene nezinhlekelele kulo mkhandlu uDan Mkhize uthe abethimba lezinhlekelele sebeqalile ukunikezela ngosizo kulabo abathintekile.

UMkhize uthi bathole noxhaso lwezingubo, ukudla nezinye izinsiza ezinhlanganweni ezingekho ngaphansi kukahulumeni.

Kuwe izindlu, ezinye zaphephukelwa wuphahla.

Ube esexwayisa abantu ukuthi bahlale beqaphile njengoba kubikwa ukuthi sizoqhubeka isimo sezulu esingesihle kulezi zinsuku ezizayo.

Kuthiwa lesi siphepho besihambisana nesichotho.

Abangenazindawo bakhosele emahholo omphakathi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Scattered clouds. Cool. Pta: 13-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-17°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...