Isinesandulela ngculaza ingane edlwenguliwe
2013-02-19 14:05
Johannesburg - Inganyana yentombazane eneminyaka engu-13 ubudala, kutholakale ukuthi inegciwane lesandulela ngculaza, ngemuva kokuthi ihlolwe igazi ikade idlwengulwe ngumakhelwane, ongumholi ebandleni.
Umama wengane uthi umakhelwane, wathatha ingane yakhe nontanga bayo ababili, ethi ufuna baye esontweni.
Lo mama oneminyaka engu-41 ubudala, wasePhase 6 eMangaung, utshele iphephandaba iDaily Sun wathi: “Kungethuse kakhulu ukuthi lesi sikhohlakali sadlwengula indodakazi yami. Lokhu bekwenzeka kusukela ngenyanga kaSepthemba, ubemlanda njalo ethi akuyiwe esontweni.”
Umama, naye onegciwane lesandulela ngculaza, uthi uyise ingane kudokotela, obe esesho ethi nayo ithelelekile.
Kumanje bobabili umama nengane badla imishanguzo.
“Bengithi singabangani, ubengiphelezela noma ngilanda imishanguzo yami. Bengimethemba ngimthatha njengelungu lomndeni.”
Umsolwa oneminyaka engu-42 ubudala, ohola ibandla iHouse of Redemption, uboshwe ngoLwesibili olwedlule.
Okhulumela amaphoyisa uConstable Finah Mpakane uqinisekise lesi sehlakalo.
- Thola ezinye
izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun
kuFacebook
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Daily Sun