Isinde izoganiswa ingane, 14

2012-12-04 08:15

Durban - Intombazanyana yaKwaZulu-Natal isithathiwe kubazali bayo nabebehlela ukuyishadisa nondoda endala, kusho iCommission for Gender Equality (CGE).

“UMnyango wezeNhlalakahle uthathe le ngane, 14, kubazali bayo kuze kube kuqinisekiswa ukuthi iphephile," kusho i-CGE esitatimendeni.

“Ngokwemithetho iSexual Offences Act neChildren's Act, iveza ukuthi uma lo mshado uke waqhubeka, abazali nomkhwenyana bazokhalelwa ngamasongo kaSigonyela."

Le khomishana yalunywa indlebe ngokuthi le ngane yaKwaMthandeni, izoshadiswa nendoda, 40, ngoDisemba 16.

Le ndoda yayizoshada nodadewabo kale ngane oneminyaka engu-20 ubudala ngemuva kokumkhokhela ilobolo lika-R29 500, kodwa wabe esekhuleliswa enye indoda, wabaleka.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More clouds than sun. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...