Isikole sidumaze abafundi abangamaSulumane

2013-01-23 12:03

Cape Town - Zijabhile izelamani ezimbi li zaseKapa, kulandela ukuthi isikole sizixoshile ngoba zigqole izigqoko zamaSulumabe, ekuthiwa azihambisani nomfaniswano wesikole.

USakeenah Dramat, 16, nomfowabo uBilaal, 13, baqale esikoleni i-Eben Dönges High School, ngoLwesithathu olwedlule, othisha kuthiwa babatshele ukuthi abakhumule izigqoko zabo, kusho umbiko weDie Burger.

Ngemuva kokuthi intombazane yalile ukukhumula iduku, iyalelwe ukuthi ibuye nomzali.

Umama wabafundi uNabila, uthi ngesikhathi efunela izingane isikhala, watshelwa ukuthi abantwana bakhe bangazifaka izigqoko zabo zenkolo abakholelwa kuyo, inqobo uma imibala izohambisa nomfaniswano wesikole.

Uthi watshelwa nokuthi izingane zingaya emkhulekweni wangoLwesihlanu, uthi kumanje abantwana bakhe bathukile futhi baphoxekile.
 
USakeenah utshele umama wakhe ukuthi uthishela umbuze ukuthi akashiselwa yini, waphendula wathi: "chabo, ngijwayele ukusigqoka isikhafu sami."

Uthi ngemuva kwalokho ubizelwe kwelinye igumbi watshelwa ukuthi kumele asikhumule.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-20°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...