Isikhwele siholele ekubulaweni kwengane

2012-08-02 10:07
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Kugwazwe kwabulawa umfana oneminyaka engu-14 ubudala, egwazwa yindodana yesoka likanina, eVanderbijlpark, kusho imibiko yabezindaba ngoLwesine.

Umfana obulewe uDante Chan, 14, watholakala eseshonile egcekeni kubo ngoLwesibili, ummese usalenga esifubeni sakhe, kubika iphephandaba iBeeld.

Umama womfana uYolanda Coetzee, 37, okunguye owafica indodana yakhe isigwaziwe, uthe wazama kwahlula ukwenza, ethi uhlenga indodana yakhe.

"Ngaguqa eduze kwakhe ngimncenga ukuthi azame ukuphefumula, kodwa lase lidume ledlula."

Umfundi waseNyuvesi eNorth West, okunguye oboshiwe, kuthiwa kade aba nenkinga nomufi, lokhu kudalulwe nguCoetzee, onobudlelwano nobaba womsolwa.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 15-22°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Cool. PE: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...