Isikhungo sikaMandela sihalalisele u-Obama

2012-11-07 16:19

Johannesburg - Isikhungo iNelson Mandela Centre of Memory, sesihalalisele uMengameli waseMelika uBarack Obama, osephinde waqokwa ihlandla lesibili.

"Egameli lomsunguli wesikhungo owabe enguMengameli wezwe uNelson Mandela, ibhodi kanjalo nabo bonke abanye esisebenzisana nabo, siyakuhalalisela ngokuqokwa kwakho kabusha njengoMengameli wezwe," kusho umkhulumeli wesikhungo uSello Hatang, esitatimendeni.

UHatang uthe iMelika inguphathina obalulekile ekwenzeni ukuthi i-Afrika ikwazi ukunqoba impi yobubha kanye nokungalingani ngokwamazinga.

"Sinamathemba amakhulu okuthi ubuholi bakho nokusebenzisana nabanye ohulumeni kanjalo nekhono lokubuka izinto ngokujula, konke kuzosiza ekuthuthukiseni imiphakathi."

Ekunqobeni kuka-Obama, ube nguMengameli wesibili wamaDemocrat ukuthi anqobe kulandelana, lokhu kwagcina ukubonakala ngesikhathi seWorld War Two.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 13-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C Scattered showers. Increasing cloudiness. Cool. PE: 10-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...