Isikhulu sezempilo eKZN kwelokukhwabanisa

2011-02-15 09:32

Durban - Isikhulu soMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal kulindeleke ukuthi sivele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngamacala okukhwabanisa nawenkohlakalo ngoLwesibili, kusho okhulumela lo mnyango.

“Kuboshwe imenenja yezokuphepha ngoMsombuluko ngesikhathi iye kulo mnyango iyovela ngaphambi kwekomidi eliqondisa izigwegwe kulandelwa ukumiswa kwayo emsebenzini ngenxa yezinsolo zokukhwabanisa nenkohlakalo," kusho okhulumela uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uSibongiseni Dhlomo, uChris Maxon.

UMaxon uthe umnyango waziqinisa izinyathelo zokulwa nenkohlakalo nokukhwabanisa ngo-2009 kanti ke lokho kwabona ukuxoshwa kwenqwaba yezikhulu, ezinye zaboshwa kanti ezinye zazishiyela ngokwazo.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Libafazi bedube inyama kokaMeyiwa

Emizuzwini eyi-8 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...