Isikhulu samaphoyisa kwawokubamba inkunzi

2013-01-15 12:04

Northern Cape - Isikhulu esiteshini samaphoyisa iWrenchville, eKuruman, sikhalelwe ngamasongo kaSigonyela, siboshwa ngozakwabo, mayelana namacala ahlobene nokubanjwa kwenkunzi.

Iphephandaba iVolksblad, libike lathi uCaptain Anna Phorotlho, 42, uboshwe mayelana namacala okubamba inkunzi izitolo zabokufika, okwenzeke eWrenchville, ngonyaka owedlule.

Isikhulu sihlonzwe ngabanye abasolwa abathe sasibathutha ngemoto sibayise ezitolo ezizobanjwa inkunzi, kuthiwa isikhulu sasiphinde sikhiphe izibhamu sihlinzeke abaphangi.

Izigilamkhuba ezine zabanjwa ngamalungu omphakathi zashaywa, ngemuva kwesehlakalo zokubanjwa kwenkunzi isitolo eKhankhudung, omunye wabaphangi wagcina ngokushonela esibhedlela.

Iphephandaba libike lathi ngesikhathi kuboshwa lesi sikhulu, kushaqwe isibhamu soMbuso, ama-air time kanye nesamba semali engadalulwanga.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-21°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-20°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...