Isikhulu samaphoyisa ezinsolweni zokubulala
2012-12-07 07:50
Johannesburg - Isikhulu samaphoyisa kuMasipala waseKurhuleni, uHlula Msimang, kulindeleke ukuthi sivele enkantolo ngecala lokubulala, ngokusho kombiko ngoLwesihlanu.
Iphephandaba iThe Star lithe i-Independent Police
Investigate Directorate (IPID) iqinisekisile ukuthi uMsimang ubhekene necala lokubulala, kodwa yanganaba ngemininingwane.
"Seluphothuliwe uphenyo, njengamanje icala lisezithebeni zenkantolo," kusho okhulumela i-IPID uMoses Dlamini etshela iphephandaba.
Lo mbiko uthi leli cala lihlobene nesigameko sokudubula esenzeka eGoli ezinyangeni ezedlule.
Okhulumela umkhandlu uZweli Dlamini uthe uMsimang akamiswanga emsebenzini.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA