Isihluku usana luwa luzalwa lwashona

2013-01-21 12:02

Johannesburg – Umama wasePitoli utshele iphephandaba ngokubeletha kwakhe kabuhlungu eKalafong Hospital, nokuholele ekutheni ingane iwele phansi.

UJanine Meiring, 33, uthe udokotela wayekhona ngesikhathi ingane ibelethwa kodwa wasishaya indiva isicelo sakhe elibele ukumhleka, emtshela ukuthi akaqubule ingane, kubike iBeeld.

“Ngiyaveva. Kome izinyembezi. Angifune kukhokhelwa, kodwa ngifuna udokotela axoshwe emsebenzini. Akumele asebenze ngabantu besifazane nezingane,” kusho uMeiring, okumanje ucabanga ukuthatha izinyathelo zomthetho.

UMeiring ubenamasonto angu-27 ekhulelwe ngesikhathi esikwa ngosuku olwandulela uKhisimusi waphuthunyiswa esibhedlela iKalafong Hospital e-Atteridgeville, esasingenabo abasebenzi abanele.

UMeiring ukhulume nangendlela atshelwa ngayo ukuthi akamashe egumbini lababelethayo nakuba esesikwa kakhulu.

"Besengingakwazi nokubekezela egumbini lokubeletha ngihluleka nokugibela embhedeni ngiphalaza. Udokotela wangena wangihlola kodwa wangiziba uma ngimbuza ukuthi iphi ingane.”

Wabe esetshelwa ukuba abuyele konesi, azihambele yedwa.

"Ngathi ngisahamba, yabe isifika ingane, yaphuma yawela phansi.”


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-19°C Showers late. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...