Isihluku umbungu upitshizwa yizimoto

2012-12-28 14:33

Johannesburg - Umbungu obesekusondele uzalwe ulahlwe emgwaqeni phambi kwesango laseMiddelburg High School, kanti abashayeli bebelokhu bewushayisa bengazi ukuthi kukhonani kuplastiki.

“Lokhu kutshengisa ukuthi omama babuye babe nesihluku esinjani!” kusho iphoyisa ebelidinwe liveva.

Kuthiwa lo mbungu ubufakwe eplastikini walahlwa maphakathi nomgwaqo nalapho izimoto bezilokhu ziwupitshiza nje.

“Angikholwa ukuthi kukhona umama ongenza into ebuhlungu kangaka enganeni yakhe," kusho owesifazane ngemuva kokuthi itekisi ime endaweni yesigameko.

Abantu babe sebephuma etekisini ukuzobona lesi simanga.

Amaphoyisa ayaphenya ngalolu daba kanti kucelwa ongase abe nolwazi ashayele ku-013 249 1601.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 12-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...