Isihluku kubulawa izithandani phambi kwezingane

2012-12-12 12:02

Newcastle – Izithandani esezikhulile zidutshulwe zabulawa phambi kwezingane ezimbili ekhaya lazo eMadadeni ngoLwesibili ekuseni.

Indoda eneminyaka engu-64 ubudala kanye nowesifazane, 58, bebelele emzini wabo ose-Extension Three ngezithuba zabo-03:00 ngesikhathi kutheleka ngaphakathi amadoda angaziwa.

Izingane ezimbili bezilele ngaleso sikhathi zavuswa ngumsindo, zibhekile izingane, la balisa badonse izibhamu badubula indoda yomuzi ekhanda nasesifubeni. 

Intombazane eneminyaka engu-12 ubudala ivalwe ubuso ngethawula ngesikhathi izama ukumemeza icela usizo. Umfana oneminyaka eyishumi ubudala yena uzame ukususa isigebengu esisodwa ngokuthi asilume kodwa bamhlula ngamandla, wabaleka waphindela ekamelweni ngesikhathi sebedubula owesifazane emhlane nasethangeni.

La balisa abazilimazanga izingane.

Ngemuva kokuba izigebengu sezihambile, izingane ziphuthume kamakhelwane, base bethinta amaphoyisa.

Lesi sigameko kubonakala sengathi bekungukubulala okuhleliwe njengoba kungebiwanga lutho endlini, kusho iphoyisa litshela iThe Mercury.

Iphephandaba iThe Mercury alikwazanga ukuxhumana nezihlobo zezingane ukuthola ukuphawula njengoba amaphoyisa abesazama ukuthintana nazo.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane ukuqinisekisile lokhu kubulala.

Lezi zingane kukholakala ukuthi zingabazukulu.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Abafana beWoonga bebe imali yesoso

Emizuzwini eyi-50 edlule
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C High level clouds. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-20°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 9-22°C Sunny. Mild. PE: 12-19°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...