Isiguli sibulale esinye esibhedlela e-KZN

2015-01-23 18:36

Durban - Kushone isiguli ngemuva kokuthi sishaywe ngesinye ewodini lezi ziguli ebezilele kuyo esibhedlela saseThekwini, i-Addington, kusho uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal.

Lesi sigameko senzeke ekuseni ngoLwesihlanu, kusho okhulumela uMnyango uSam Mkhwanazi.

Uthe amaphoyisa ayaphenya ngalolu daba.

OLUNYE UDABA: Isiguli sihlasele amanesi esibhedlela

UNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni uDkt Sibongiseni Dhlomo udlulisele amazwi enduduzo emndenini wesiguli esishonile.

UDhlomo uthe ufuna ukulumana indlebe neziphathaimandla zesibhedlela bese kuqalwa uphenyo lwangaphakathi.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-20°C High level clouds. Mild. Pta: 6-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-17°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 11-17°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...