Isifo sibulale amahhashi angu-100 e-KZN

2011-03-24 12:35

Pietermaritzburg - Lilinganiselwa ku-100 inani lamahhashi ashonile KwaZulu-Natal ebulawa isifo samahhashi esihlasele elase-Afrika, i-African Horse Sickness (AHS), kusho inhlangano i-African Horse Sickness Trust izolo.

Lesi sifo kuthiwa simandla emadolobheni ambalwa kulesiya sifundazwe, okubalwa iDundee, Estcourt, Mooi River, Vryheid, Newcastle, Ladysmith, Nottingham Road naseNquthu.

Limi ku-450 inani lamahhashi asebulewe yilesi sifo kuleli lilonke, indawo ethinteke kakhulu iPitoli, iBapsfontein, iHarrismith, Vrede neMemel eFree state, iMamre eWestern Cape neKuruman neHotazel eNorthern Cape.

UMenzi Buthelezi, nonguSihlalo we-KZN Rural Horse Riding Association, uthi elinye ilungu lilahlekelwe amahhashi avile kwayisishiyagalombili kusukela ngoFebhuwari. Elinye lawo wayelikhokhele u-R30 000.

- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...