Isidumbu somfana sitholakale emgqonyeni
2012-12-10 07:46
Johannesburg - Izingane ezincane bezidlala ngasemgqonyeni kadoti kanti azazi ukuthi uqukethe isidumbu sikamzala wazo, nebesesiqala ukonakala, kusho umbiko weSowetan.
UMthokozisi Mdanda, 12, wagcina ukubonakala ngesonto eledlule ethunywe amaqanda ngabo-15:30, akaphindanga abuya.
"NgoMgqibelo odlule ngangidlula ngakubo ngemoto, ngase ngiyambona ngama ngambingelela," kusho ubaba wakhe uThemba Sibeko,, 47.
" Ngabe sengimbuza impilo, sahlukana," kusho uSibeko, noshayela amatekisi.
Kwathi nje uma kuphela umdlalo obuphakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando
Pirates, uSibeko waholelwa emgqonyeni yiphunga elalingabekezeleki.
USibeko uthi akakholwanga ngesikhathi ezithela phezu kwesidumbu sendodana yakhe.
-
Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24