Isicelo sokuthi kumiswe izimali ze-ANCYL
2012-12-05 10:01
Johannesburg - INkantolo eNkulu eGoli seyamukele isicelo sokuthi ibhange limise ukusebena kwezimali zophiko lwentsha i-ANC Youth League, kusho umbiko wangoLwesithathu.
Kuhanjiswe enkantolo amaphepha enkampani i-Z2 Presentations ethi ikweletwa yi-ANCYL, isamba esingu-R12.8 million, kusho umbiko weBeeld.
Izimali lezi zihlanganisa u-R7.6 million, okuyimali eyasebenza ngesikhathi kunomhlangano wophiko owabe useBloemfontein, ngo-2008, kuze kuqokwa uJulius Malema njengomholi.
Imali ibilokhu ikhula, uMarius van Rensburg, ongummeli we-Z2 Presentations uqinisekise ukuhanjiswa kwamaphepha enkantolo.
"Besingakaxhumani ne-ANC Youth
League, isikhonzi senkantolo yiso esizoxhumana nayo."
Okhulumela i-ANC uKeith Khoza kanye nalolu phiko batheabazi lutho ngalolu daba.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA