Isibhedlela sasiphethwe ngunesi

2013-02-01 10:05
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Uphenyo luveze ukuthi unesi ongenazo iziqu nesipiliyoni sokuphatha wayesebenza njengebamba lemenenja esibhedlela esiseLimpopo lapho kwashona khona izingane ezine, kusho umbiko ngoLwesihlanu.

Uphenyo loMnyango wezeMpilo luthole ukuthi ukungasebenzi ngendlela nokulova kodokotela yikho okumele kusolwe ngokushona kwezingane esibhedlela sikahulumeni iGeorge Masebe esontweni lokuqala likaJanuwari, kubika iBeeld.

Imiphumela yalolu phenyo yethulwe nguNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi ePitoli ngoLwesine.

Ngokombiko wephephandaba, imenenja nodokotela babelovile ngesikhathi kushona izingane.

Kuthiwa odokotela bebefika ukuzobheka iziguli sekushaye no-09:00, bengakwenzi lokhu ebusuku, izimpelasonto nangamaholidi.

Kuthiwa akukho nohlelo olucacile lokubona iziguli ezibangwa nezibi nokuqinisekisa ukuthi zithola ukunakekelwa okufanele.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Lihlonziwe iphoyisa elibulawe eKapa

Emizuzwini eyi-28 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-27°C High level clouds. Warm. Pta: 12-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 8-18°C Morning clouds. Mild. Bloem: 9-21°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 14-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...