Isibhedlela samtshela ukuthi une-HIV engenayo
2012-08-23 10:06
Tafelkop - Ngosuku lwezithandani wayejabule ngokweqile ngesikhathi ezibula ngomfanyana omuhle, ngakusasa waphuma esibhedlela iGroblersdal, waphuthuma ekhaya eTafelkop, eLimpopo, eyobabonisa umntwana, kusho iphephandaba iDaily Sun.
Injabulo yaba ngeyomzuzwana kuJabulile Sithole, 18, njengoba kwathi esebuyisela ingane esibhedlela iyohlolwa, wabuzwa ngamanesi ukuthi uyazazi yini ukuthi unegciwane lesandulela ngculaza.
"Ngaqale ngacabanga ukuthi bayadlala kodwa ngethuka ngoma sebengikhombisa amafayela esibhedlela. Ngangifuna nokufa."
- Daily Sun