Isibhedlela samshiya isitho sangasese silenga

2012-08-01 12:06

Johannesburg - Owesifazane wasePitoli uthi wathuka kwaphela nasozwaneni ngesikhathi ethola ukuthi “amazambane” omyeni wakhe angaphandle kwezikhwama, osukwini olulodwa ngemuva kokuthi ededelwe esibhedlela.

Iphephandaba iPretoria News ibike ukuthi uPaulos Vilakazi, 70, washona ngemuva kwezinsukwana ededelwe esibhedlela.

Umndeni ugxeka amanesi asesibhedlela iKalafong Hospital, umndeni uthi uVilakazi wadedelwa enesilonda esingapholile esithweni sakhe sangasese, ngemuva kokuthi ekade ehlinzelwe umdlavuza.

“Vele ekugcineni wayezoshona ngoba wase ekhulile kodwa kwakungamele afe ngenxa yobudedengu bamanesi,” kusho umfelokazi uHazel Vilakazi.

Umbiko wephephandaba uthe uVilakazi wawa ngaphambi kokuthi adedelwe esibhedlela, amanesi atshela unkosikazi ukuthi akamnakekele yena amgeze isilonda.

Isibhedlela asitholakalanga ukuthi siziphendulele ngalezi zinsolo.

 
 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 18-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-24°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Sprinkles late. More clouds than sun. Mild. PE: 15-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...