Isibhedlela sadlala ngami - Owesifazane

2013-01-25 14:04
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Owesifazane waseKagiso ubhekene ngeziqu zamehlo nesibhedlela iRahima Moosa Mother and Child Hospital, ngemuva kokuthi sinqabe ukungcwaba ingane yakhe.

UTryphinah Dowelani uthi amanesi ambuza ukuthi ufuna ukuzingcwabela yini umntwana wakhe owashona ngemuva kwezinsuku ezimbili ezelwe, noma ufuna ukungcwatshwelwa yisibhedlela.

UDowelani uthi wakhetha ukuthi ingane ayishiye ingcwatshwe yisibhedlela, ngenxa yezindleko futhi engaluleme kahle, njengoba abeletha ngomthungo.

Ngenxa yokugula, lona waze wabona ingane yakhe ngemuva kwezinsuku ezimbili ebelethile.

UDowelani uthi waphaphama ingane yakhe ilele ogqokweni ishonile, uthi amanesi amsayinisa amaphepha ashoyo ukuthi ubelethile.

Ngemuva kokuhlolwa, wase edluliselwa esibhedlela iHelen Joseph Academic Hospital, eGoli.

Iphephandaba iSowetan likhulume nesibhedlela ngemuva kokushaya ungqimphothwe sithi uDowelani, akazingcwabele.

UMnyango wezeMpilo eGauteng,uSimon Zwane, uthi kungumsebenzi wabazali ukuzingcwabela abantwana babo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...