Ishaqekile imindeni ngokushona kwabe-SAAF

2012-12-07 10:01

Cape Town - Ibhanoyi lombutho wamasosha eliphahlazeke ezintabeni zoKhahlamba lidlule nemiphefumulo yamalungu amathathu eSouth African Air Force aseKapa – abashayeli bebhanoyi uZack Smith, Kurt Misrole kanye no-Eric Boes, bangabanye kwabangu-11 abashonile.

UMisrole, 32, ushiye umndeni wakhe kanye nonkosikazi, kubika iCape Argus.

Bebezoqeda iminyaka emibili babopha elikasofasilahlane ngoFebhuwari.

Ubaba wakhe uWensley Misrole, ohlala ePitoli, uthe ukudlula kwendodana yakhe kubathuse kakhulu.

“Akekho umzali osuke elindele ukuzwa izindaba zokuthi ingane yabo ibe sengozini yashona.”

“Umbutho wabo ubulokhu usithinta usazisa ngokuqhubekayo, kodwa imininingwane yokuthi ngabe yini engahambanga kahle kusekude ivele," usho kanje.

UKurt ubeyindodana yakhe endala kanti besekuphele unyaka nezinyanga eziyishumi ashada noCarin.

UKurt, okwakuyisifiso sakhe ukushayela amabhanoyi kusukela esawumfana, ubesewashayele iminyaka engu-12.

Khonamanjalo uMnyango wezokuVikela usujube ibhodi elizophenya ngale ngozi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-20°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...