Isezinhlungwini intombazane elunywe yizinja

2013-01-11 11:02

Bloemfontein - Isezinhlungwini intombazane yaseWelkom, eneminyaka engu-17 ubudala, ehlaselwe yizinja ngesikhathi isendlelena eya esikoleni.

UModiehi Mashinini ubehamba ngezinyawo eya esikoleni eWelkom ngesikhathi ehlaselwa yizinja, kubika iVolksblad, ethi intombazane izamile ukubalekela inja yokuqala kodwa kwathi uma iphenduka yanqandwa ngezinye ezine.

“Ngibe nokwesaba, bengibona kahle ukuthi zizongibulala . Ngimemezile ngazama nokuziphebeza ngezandla kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Zibe sezingihudulela phansi zangiluma," kusho intombazane isembhedeni esibhedlela.

"Ngivikele ubuso nomqala wami. Akukho okunye ebengingakwenza besengilinde ukuthi ziqede ngami.”

UMashinini usizwe yindoda endala emuzwe ekhala ecela usizo yase ishaya izinja ngamatshe. Ube esephuthunyiswa esibhedlela kwadingeka ukuba athungwe izitishi ngaphezulu kuka-100 ezinyaweni, emlenzeni, ezandleni, ezingalweni nasemzimbeni.

Izinja ngokuhamba kwesikhathi zithathwe abeSPCA kanti umnikazi wazo angase athweswe amacala.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 13-25°C Showers late. Broken clouds. Warm. Bloem: 15-31°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 17-23°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 17-25°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...